IZIKHULU ZOTHE INDLULAMITHI EMASHOBENI

UNGQONGQOSHE wezeMisebenzi yoMphakathi kanye neNgqalasizinda uMnuz Dean Macpherson, uNgqongqoshe uMnuz Martin Meyer bezokotha iSilo uMisizulu KaZwelithini esigodlweni eMashobeni. Isithombe: DHSI
NOMCEBO NGEMA
IZIKHULU zikahulumeni zothe iNdlulamithi uMisizulu KaZwelithini ngenhloso yokubhunga ngamacebo okuthuthukisa izingqalasizinda KwaZulu-Natal, esigodlweni seSilo eMashobeni, oPhongolo, izolo.
Lo mhlangano bekulindeleke ukuthi ube esigodlweni KwaKhangela KwaNongoma, kodwa kwashintsha ukudla epuletini wafudukela eMashobeni.
Izikhulu ebeziyokotha iSilo uMisuzulu kaZwelithini, kubalwa uNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda kuzwelonke uMnuz Dean Macpherson, noNgqongqoshe Wezemisebenzi KwaZulu-Natal uMnuz Martin Meyer, kanti babe nomhlangano ngasese nabaNtwana baseNdlunkulu, izikhulu zikahulumeni zeminyango ehlukene, izinduna neNdlulamithi, bebebhunga khona ngezindlela kanye namacebo okuthuthukisa ingqalasizinda esifundazweni.
Okhulumela uMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi kanye neNgqalasizinda kuzwelonke uMnuz Lennox Mabaso uthi bebezoxoxisana neNdlulamithi ngemisebenzi ekhona kulendawo kanye nasesifundazweni iKwaZulu-Natal ukuze kuthuthukiswe ingqalasizinda. “Lolu suku lube impumelelo kakhulu njengoba uMphathiswa uMnuz Dean, noNgqongqoshe uMnuz Martin Meyer KwaZulu-Natal bebezokotha iNdlulamithi. Inhloso yalomhlangano bekungukuzokwethula imisebenzi eminingi yezokwakha kanye nokufakwa kwengqalasizinda eyeziwayo nezisazokwenziwa, ukuze kuthuthukiswe isifundazwe saKwaZulu-Natal,” kuchaza uMnuz Mabaso.
Uthi lo mhlangano iNdlulamithi iwuthakasele kakhulu.
“Maningi amaprojekthi iNdlulamithi ewamukele ngezandla ezimhlophe njengoba lezinhlelo zizodala amathuba omsebenzi. Abantu baKwaZulu-Natal basazohlomula kakhulu kumathuba okwakha kanye nengqalasizinda,” kuphetha uMnuz Mabaso.
