Uncategorised

ABESIFAZANE NOKHUKHULELA NGOGQO WEMASHI

INHLANGANO yabesifazane ifuna uhulumeni asukumele eyokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kuleli. ISITHOMBE: Facebook.

NOMCEBO NGEMA

ABESIFAZANE baseNingizimu Afrika yonkana bahlela ukulivala thaqa izwe ngoLwesihlanu, zinga-21 kuLwezi njengoba kuzobe kusele usuku ukuthi kuqale iNgqungquthela yabaholi be-G20 eGoli.
Lo mbhikisho wokumisa ukusebenza kwezwe uzobe uholwa iWomen For Change, kuhloswe ukuqwashisa ngezinkinga ezibhekene naleli lizwe okuwudlame nokubulawa kwabantu besifazane nezingane.
Le nhlangano isinxuse bonke abazoba ingxenye yombhikisho ukuthi bangalubhadi emsebenzini ngalolu suku futhi bagweme ukusebenzisa imali. Kubikwa ukuthi laba besifazane abahlele lo mbhikisho kuzothi malibumbana ele-12:00 emini bebade balale phansi imizuzu engu-15 behlonipha abesifazane abalinganiselwa ku-15 ababulawa nsuku zonke eNingizimu Afrika.
Inhloso yalemashi ukuthi abesifazane bafuna uhulumeni amemezele iGender Based Violence njengenhlekelele kazwelonke futhi aqinise imithetho evikela abesifazane nemiphakathi ye-LGBTQI+.
Abeseka lo mbhikisho bayakhuthazwa ukuthi bagqoke ezimnyama baphinde basebenzise lelitemu lika- #WomenShutdown, ezinkundleni zokuxhumana.