KUXWAYISWA NGAMAPHILISI E-GLP-1 AYINGOZI OKWEHLISA ISISU

KUNXUSWA abantu ukuthi bangawathengi amaphilisi adayiswa ezinkundleni zokuxhumana. ISITHOMBE: Facebook
NOMCEBO NGEMA
KUXWAYISWA abasebenzisa amaphilisi alwa nokunciphisa isisu notakwethu angekho emthethweni adayiswa ezinkundleni zokuxhumana.
Lesi sixwayiso sikhishwe abakwa-South African Health Products Regulatory Authority (SAHPRA), bexwayisa abahlali baseNingizimu Afrika ngokuthenga imikhiqizo ye-GLP-1 ekhangiswa ezinkundleni zokuxhumana, ngenhloso yokuthi behle emzimbeni kanye nokulawula ushukela egazini.
“Izinkampani eziningi kanye nabantu bakhangisa le mikhiqizo ngokungemthetho bakhuluma namanga ukuthi igunyaziwe Le mikhiqizo ithengwa ezweni laseChina, “ kuxwayisa uYuven Gounden.
Ube esenxusa umphakathi ukuthi ubike noma ngabe ubani odayisa le mikhiqizo okanye uma bebona esolisayo. Uphinde waveza ukuthi ayikho imikhiqizo efana nalena egunyaziwe ukuthi isatshalaliswe kulelizwe. Nakuba uYuven engacacisanga ngomonakalo okanye umthelela ongemuhle kodwa abantu kuthiwa abangalokothi bawathenge.
