KUXABENE UBENDLE KUMADODAKAZI KA-ZUMA

UDUDUZILE Zuma-Sambudla osolwa ngokuba nesandla ekushushumbisweni kwamadoda eyolekelela iRussia.

ISITATIMENDE esibhalwe indodakazi endala kaNxamalala ngesikhathi ibopha udadewabo uDuduzile. IZITHOMBE: MKP&Facebook.
NOMCEBO NGEMA
UMDONSISWANO wamadodakazi amabili kalowo owayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma, kuyaqonga njengoba ukusula kukaDuduzile Zuma Sambudla isigubhukane njengelunga lephalamende, kuyamaniswa nezinsolo azibekwa udadewabo uNkosazana Bonganini Zuma-Mncube.
Indodakazi endala kaMnuz Jacob Zuma okunguBonganini Zuma-Mncube, ivulele abantu abayi-3 icala lokushushumbisa abesilisa abayi-17, ngenhloso yokuthi bayolekelela izwe laseRussia njengoba ilwa ne-Ukraine, okubalwa udadewabo uDuduzile Zuma Sambudla, uSiphokazi Xuma noBlessing Khoza.
Uthi icala livulwe esiteshini samaphoyisa eSandton, idokodo lathathwa amaHawks ngenxa yobucayi becala, usebudlulisile bonke ubufakazi anabo.
“Laba besilisa bayengwa batshelwa okungeyikho, okwathi uma befika eRussia bafakwa empini. Abatshelwanga ukuthi bayoba ingxenye yempi ngesikhathi besuka kwelakuleli,” esho
