Uncategorised

KUZOCACISWA NGEMIGOMO YOKUDILIZA KWEMIZI ENKANDLA

IMEYA kaMasipala waseNkandla okulindeleke ukuthi kusasa icacise ngemigomo elandelwayo uma kucekelwa phansi izakhiwo ezingekho emthethweni. Isithombe: Inkandla Municipality

NOMCEBO NGEMA

KULINDELEKE ukuthi kusasa uMasipala waseNkandla ubambe isithangami sabezindaba, ngenhloso yokucacisa ngenqubo yokudiliza, yokucekela phansi imizi ebiyakhiwe endaweni kamasipala ngokungemthetho, emahhovisi alo masipala ngehora lesi-11:00 ekuseni.
IMeya kaMasipala waseNkandla uKhansela Nonhlanhla Nzuza iyona ezocacisa kabanzi iphinde inikeze abezindaba ngokuqhubekayo ngodaba lwasenkantolo.
Kuzokhumbuleka ukuthi emavikini edlule uMasipala waseNkandla udilize inqwaba yemizi, endaweni yaseMthiyaqwa okuthiwa beyakhiwe endaweni kamasipala ngokungemthetho, kulandela ukuthi umasipala unqobile enkantolo kwicala lomdonsiswano nabahlali bakulendawo.