Uncategorised

KUBOSHELWE KWI-FESTIVALI-KZNYEME EYOKUHLUKANISA UNYAKA EMTSHEZI

KUZOKUBA kuboshelwe koweKZNYEME eMtshezi.

ANELE ZUMA

UMNYANGO wezeMidlalo, ezobuciko namasiko KwaZulu-Natal, uzobe ubophele izinkakha zomculo kumcimbi wokuhlukanisa unyaka iKZN Year End Music Experience (KZNYEME). Lelidili lomculo lizobe libanjelwe eWembezi Stadium eMtshezi okwesibili ngokubambisana noMasipala i-Inkosi Langalibalele Local Municipality
Lokhu kuyivuthondaba lohlelo lwamaholide olumemezelwe umnyango ekuqaleni kukaZibabdlela lapho ungqongqoshe uMntomuhle Khawula ethule i-Gig Guide, okuwuhla lwemicimbi efaka amakhonsathi, izingoma nezemidlalo. “Sibona ukuthi abaculi bethu benza kahle, futhi siyabakhuthaza ukuthi badlale umculo bukhoma bangaweli ogibeni lwe- Artificial Intelligence (AI). Abathandi bobumnandi bazolijabulela lelidili lomculo i-KZN Year End Music Experience njengoba abaculi abavelele bakulesifundazwe bezobe benandisa khona, kanti nemikhakha ehlukene yomculo ngisho igqom, piano, maskandi wenani kuzobe kukhona. Okumnandi ukuthi amanye alamaciko asafufusa azothola nethuba lokudlala njengoba abanye bephekwe ebhodweni lethu lobuciko oluwuhlelo olusuka emawadini i-Isukile, ” kusho uNgqongqoshe Khawula.

UNgqongqoshe ugcizelele ukuthi lo mnyango uzoqhubeka nokukhulisa nokweseka ithalente futhi basebenzise amakhonsathi ukutshala umoya wokuzwana nokuhlalisana .
“Sesiphelile isikhathi sokuthi abantu babuye emakhaya ngamaholide bezokulwa. Manje sifuna abantu bahlangane, bajabule, futhi bajabulele ithalente elikhulu elikhona lapha ekhaya,” esho.
Lo mcimbi uyingxenye yomsebenzi omkhulu womnyango wokuhlanganisa ubuciko namasiko ekuthuthukiseni umphakathi kanye nomnotho.
Okwehlukile ngalelidili ukuthi kungenwa mahhala kulo nakuba linosaziwayo. Ngaphezu kwalokho linabaculi abaningi abasafufusa abanikezwe ithuba ukuthi bashiyelane inkundla kanye nabaziwayo. Phakathi kwalabaculi kuzobe kukhona uKhuzani, DJ Tira, Mthandeni SK, Babes Wodumo, Naledi, Phakamile Weza, Sparks Bantwana, Mzukulu, Jikijiki, Jumbo nabanye abaningi. Phakathi kwabaphathi bohlelonkukhona uTshatha, Zim Dollar no Guzasta
Nakuba libophele osaziwayo, kulelidili lomculo kuzobe kungenwa mahhala. Imininingwane ephelele mayelana nabaculi kanye nesheduli isezinkundleni zokuxhumana ezisemthethweni. @artskzn ku FB no Insta