IYASHUBA EYABOKUFIKA NABAKULELI ESIKOLENI E-ADDINGTON ETHEKWINI

UJACINTA Zuma weMarch in March ongenelele udaba lwezingane ezinqatshiwe zakuleli e-Addington Primary School, eThekwini

ABOKUFIKA ababhekene nabakuleli esikoleni i-Addington Primary School. IZITHOMBE: FACEBOOK.
NOMCEBO NGEMA
KUSWELAKALE ozogadla kuqala abokufika bebhekene nabakuleli ngeziqu zamehlo, ngaphandle kwesikoleni samabanga aphansi i-Addington Primary School, eThekwini.
Isimo siqala ukushuba ngoLwesithathu mhla ziyi-14 kuvulwa izikole, njengoba inqwaba yabazali bezingane zakuleli futhi abahlala bude buduze nalesi sikole babeqhinqe ngaphandle kwesikole izingane zabo zingazitholanga izikhala zokufunda, ngenxa yokuthi isikole sigcwele.
Okukhalisa kakhulu abazali bezingane zakuleli ukuthi lesi sikole sigcwele kakhulu izingane abokufika, futhi iningi lazo ezingenawo amaphepha azigunyaza ukuthi zibe kuleli, abazali babe sebecela umsunguli nomholi we-March And March uNkk Jacinta Ngobese-Zuma, ukuthi abalekelele njengoba le nhlangano igxile kakhulu ekutheni kuhambe bonke abokufika abangenawo amaphepha, ebese kusala labo abanamaphepha abagunyaza ukuthi babe kwelakuleli.
Ngesikhathi ekhuluma uNkk Ngobese-Zuma uthi lesi simo asisamukelekile, futhi kudingeka kungenelele uMnyango wezeMfundo ngokushesha, ukuze kutholakale isixazululo esizovikela ilungelo lazo zonke izingane lokufunda ngaphandle kokubandlululwa.
Uthi uma kungathathwa zinyathelo, isimo singaqhubeka sibe sibi kakhulu.
Ebebezimazise abazali bezingane zakuleli kubalwa uMnuz Khaya Dlamini ongubaba wamawele, amalunga eMarch And March, uSister P, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma, uPhakelumthakathi onxusa wonke umuntu ukuthi asukume abe ingxenye kanye nabanye abaningi.
Ozibiza ngoMengameli waMabhinca uNgizwe Mchunu naye uthembisile ukuba ingxenye yabakuleli abafuna kubuye izwe labo.
