Uncategorised

UBENGENAZO IZINCWADI UMSHAYELI WETEKISI EDLULE NABAYI-14 EGOLI

INGOZI yetekisi ebinabafundi bezikole ezihlukahlukene eGoli. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

UKHALELWE amasongo kaSgonyela umshayeli wetekisi oneminyaka engama-22 ubudala, odale isiphihli sengozi edlule nemiphefumulo yezingane zesikole eziyi-14 izolo, eVanderbijlpark, eGoli.

Lo mshayeli usolwa ngokuhamba ngesivinini esiphezulu edlula izimoto ezine ebeziphambikwakhe (overtake), emgwaqeni nokuholele ekutheni ahluleke ukuyilawula washayisa iloli ebephambana nalo, emgwaqeni uFred Droste Road eduze kukathelawayeka uN1.

Okhulumela amaphoyisa eGoli uMavela Masondo, uthi umshayeli uphumile esibhedlela namhlanje ngemva kwengozi yayizolo, zase ziyamkhalela.

Okunye okusolwa kulomshayeli ukuthi ubedle amanzi amponjwana, akanazo izincwadi zokushayela, itekisi ebelayishe izingane kulona ayinayo idisc, ukushayela budedengu futhi lo mshayeli kuthiwa ubeke wasithola isixwayiso kwabaka-JMPD ngesonto eledlule.

Amaphoyisa neziphathimandla bayaqhubeka nophenyo ukuze bathole imbangela edale le ngozi. Umshayeli uzovela ngoLwesine enkantolo ebhekene namacala okubulala ayi-14 ngokungenhloso.