I-WANDERES ILAXAZA IHARRY GWALA

IMidlands Wanderes isifudukela eMpumalanga Stadium eThekwini
ISITHOMBE : Midlands Wanderes
MALIBONGWE MAZIBUKO
Iqembu lebhola lezinyawo laKwaZulu-Natal, iMidlands Wanderers elidlala kwiMotsepe Foundation Championship, selimemezele ushintsho lwenkundla elizodlalela kuyona imidlalo yalo yasekhaya. Leli qembu selizodlala eMpumalanga Stadium engaphansi kukaMasipala waseThekwini, selishiya iHarry Gwala Stadium engaphansi kukaMasipala waseMsunduzi.
Kulo mbiko, iMidlands Wanderers iveze ukuthi lesi sinqumo sithathwe ngemuva kokubhekana nezinselelo ezahlukene eHarry Gwala Stadium. Phakathi kwezizathu eziveziwe kubalwa izindleko zokuqasha inkundla eziphezulu kakhulu, ukunganakekelwa kwenkundla okuhlanganisa ukusikwa kotshani.
Iqembu liveze ukuthi lesi sinqumo senziwe ngenhloso yokuvikela izidingo zeqembu kanye nezabalandeli, nokuqinisekisa ukuthi imidlalo yabo idlalwa ezimeni ezisezingeni eliphezulu. IWanderers iphinde yanxenxa abalandeli bayo ukuba baqhubeke nokuleseka iqembu naphezu kwezinguquko ezenzekayo.
Kuvele nokuthi leli qembu labhalela uMasipala waseMsunduzi licela ukusebenzisa iHarry Gwala Stadium njengengxenye yoxhaso, kodwa lacelwa ukuba likhokhe imali elinganiselwa ku-R38 070 ngomdlalo ngamunye. Lokhu kwenzeka phezu kokuba amanye amaqembu okuyiRoyal AM neMaritzburg United ekade exhasiwe ngale nkundla , eyisebenzisa mahhala, futhi exhaswe ngezigidi zamarandi.
IMidlands Wanderers izodlala umdlalo wayo olandelayo weligi ne- The Bees ngoLwesithathu eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.
