UJACINTA UZINIKELE EMAPHOYISENI

UJACINTA Ngobese-Zuma ozinikele emaphoyiseni izolo.

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aqaphe isimo ngaphandle kwesikole i-Addington Primary School. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UJACINTA Ngobese uthi uma kuyicala ukulwela ingane yaseNingizimu Afrika , ukuthi ingene esikoleni ifunde ukulungele ukuboshwa aboshelwe lokho.
Usho kanje uMholi nomsunguli we-March And March uNkk Jacinta Ngobese-Zuma, ozinikele emaphoyiseni izolo ekuseni, ngecala abekwe lona lokususa uthuthuva kubantu bokufika, okuthiwa ulivulelwe elinye lamaphoyisa asesiteshini ePoint, eThekwini.
UJacinta uthi akakwazi okuningi mayelana naleli cala, kodwa uthi kuthiwa umphenyi wecala usahlanganisa amaphepha. “Angikayitholi yonke imininingwane yokuthi uma kuthiwa ngiyaboshwa ngiboshelwani kahle kahle. Nginethemba lokuthi ngizovela enkantolo ngoba uma ngivulelwe icala kufanele ngiginqe izithupha ebese ngiya enkantolo. Engingakusho ukuthi uma ukulwela ingane yaseSouth Africa kungifaka ejele ngikulungele lokho. Okubalulekile ukuthi uma ngiboshwa ningavumi ukuthi banididise nigcine ninaka mina nikhohlwe izingane lezi esifuna zifunde. Into ebaluleke kakhulu lapha izingane hhayi mina, uma ngiboshwa mina qhubekani nina nomsebenzi esikoleni i-Addington Primary School,” kusho uNkk Zuma.
Uqhube wabuza amaphoyisa ukuthi njengoba ebopha yena, izigilamkhuba lezi ezigcwele iTheku ezishushumbisa izidakamizwa azibopha nini, indoda yokufika eyabakhiphela isibhamu yabasongela ngabe amaphoyisa ayibopha na?.
UMnuz Xolani Zuma ongumkhwenyana kaNkk Jacinta ophinde abe uMmeli ukuqinisekisile ukuthi likhona idokodo elivuliwe kwaphinde kwajutshwa noMseshi ozophenya leli cala.
Uthi icala avulelwe lona elokugqugquzela udlame olubhekiswe kubantu bokufika.
Amalunga eMarch And March ebelokhu ehlezi ngaphandle esiteshini samaphoyisa ngesikhathi UJacinta engaphakathi, nokugcine kuvalwa thaqa amasango aso lesiteshi kwangaba bikho ophumayo kanjalo nongenayo.
Nanamhlanje amalunga eMarch And March kanye nabanye abaningi babuyele esikoleni i-Addington Primary School, njengoba befuna kufakwe izingane zakuleli ezingafundi ngoba kuthiwa isikole sigcwele izingane zabokufika ezingenawo amaphepha azigunyaza ukuba kuleli.
Ezokuphepha ngaphandle kwesikole ziqine kakhulu.
