Uncategorised

LUZOMENYEZELWA MADUZE OLOKUKLOMELISA ABANGCWABI

UMNUZ Muzi Hlengwa ongumsunguli womncimtiswano i-NFBA ngesikhathi ekhuluma nabezindaba. ISITHOMBE: SITHUNYELWE.

NOMCEBO NGEMA

KUVULWE ngokusemthethweni ukungenela umncintiswano wama-National Funeral Business Awards (NFBA) ngenhloso yokuklomelisa labo abenza kahle embonini yokungcwaba nokugqugquzela nabanye ukuthi benze kahle.

Lezi zindaba zivele ngesikhathi kunesithangami sabezindaba eMorningside, eThekwini zivezwa umsunguli walama awards uMnuz Muzi Hlengwa nethimba lakhe.

Uveze ukuthi kuzoba nezinhlelo eziningi ezizokwenzeka ukugqugquzela lo mcimbi, luze lufike usuku.

UMnuz Hlengwa uphinde wacacisa eyokungathulwa kosuku lwama Awards, ukuthi usazolimemezela ngokusemthethweni, uma sebehlele kahle yonke into.

“Ngiyabonga kakhulu ngokuseseka kusuka ngonyaka ophelile. Inkulu indima edlalwa abezindaba, yingakho sizophinda sinibize sesizonethulela usuku olukhulu lwalomcimbi bese sikhipha nengulube esakeni lapho sizonazisa ukuthi sesiyinkampani ekhiqiza amabhokisi okungcwaba eseqophelweni eliphezulu,” kusho uMnuz Hlengwa.

Uthi kulindeleke ukuthi inani labantu abazohambela lo mcimbi likhuphuke liye kwinkulungwane.
Ukusho ngokungahlonizi ukuthi konke kumi ngomumo ngoba nendawo yokuhlala abantu kulonyaka yanele, izokwazi ukumumatha noma ngabe umthamo ongakanani wabantu, angeke kufane nangonyaka odlule.