ICHIEFS INIKELELE IZISULU ZEZIKHUKHULA EGIYANI

IKAIZER CHIEFS inikele ngosizo emphakathini ohlaselwe izikhukhula eGiyani.
ISITHOMBE : Kaizer Chiefs
MALIBONGWE MAZIBUKO
IQEMBU lebhola lezinyawo, iKaizer Chiefs, livakashele eMphagani Village eduze kwaseGiyani esifundazweni saseLimpopo, lapho linikele khona ngamaphasela okudla emiphakathini ehlaselwe yizikhukhula.
Lolu hlelo lokunikeza usizo luyingxenye yohlelo lokubuyisela emphakathini olubizwa nge- (Corporate Social Investment – CSI), oluqhamuka ebudlelwaneni phakathi kweDolobha lasePolokwane neqembu.
Umcimbi ubuhanjelwe ngabaholi abahlukene okubalwa kubo uNdunankulu waseLimpopo, uDkt Phophi Ramathuba, izikhulu zoMasipala Wesifunda saseMopani uPule Shayi, onguMeya oPhethe woMasipala wasePolokwane uJohn Mpe kanye noMeya woMasipala waseGreater Giyani, uThandi Zitha.
IChiefs ibimelwe uMphathi Wezebhola uBobby Motaung, iNhloko Yezokuxhumana ngobuchwepheshe besimanje, uKemiso Motaung kanye nabanye abadlali.
IChiefs iseLimpopo njengoba ilungiselela umdlalo weCAF Confederation Cup ezowudlala ne-Al Masry eNew Peter Mokaba Stadium ngeSonto ntambama.
