ABOKUFIKA KULELI BASOLA UXOLANI KHUMALO KUBULAWA OWASE-NIGERIA

UXOLANI Khumalo osolwa inhlangano yabokufika kuleli ngokuba nesandla ekubulaweni kowase-Nigeria. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
INHLANGANO iNigerian Union South Africa (NUSA), isola umethuli wohlelo kumabonakude iSiz’kothola uXolani Khumalo, ophinde abe ikhansela le-ActionSA, ngokuba nesandla ekubulaweni kuka-Emeka Uzor, odutshulwe wabulawa ngeSonto mhla zi-8 kuNhlolanja, eWindersor East, eGoli.
Le nhlangano ithi u-Uzor udutshulwe ngezinhlamvu ziyi-12, isola uXolani ukuthi kunendima enkulu ayidlalile ngoba uyena embona njengobhongoza kukhona konke.
Iphinde yaveze ukuthi isibhalele uKhomishana waMaphoyisa kuzwelonke, imcela ukuthi kwenziwe uphenyo olunzulu futhi oluzimele ukuze kutholakale iqiniso kuze kufike ezimpandeni zalolu daba.
Iqhube yathi izoqhubeka nokufuna ubulungiswa, ngoba ngeke ivumele leli cala liphele kuze kube khona ophendulayo.
Lolu daba seludale umsindo emphakathini, kulindeleke ukuthi iziphathimandla ziphumele obala ngokuthi uphenyo seluhambe lwafikaphi.
