Uncategorised

UNTULI ULWA NOKUNGENA KWABOKUFIKA NEMPAHLA NGOKUFOHLA

UHESEBO Ashaneti wase-Ethiopia okhalelwe amasongo kasgonyela.

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ebheka imikhiqinizo ehlukahlukene ezitolo zabokufika eNkandla. IZITHOMBE: GCINA NDWALANE

NOMCEBO NGEMA

BAKHALELWE amasongo kaSigonyela abesilisa ababili abangabokufika kuleli, ngokungabi nawo amaphepha abagunyaza ukuthi babe amabhizinisi, nokutholakala komkhiqizo ongavunyelwe ukudayiswa kuleli.
Lokhu kwenzeke ngoLwebili ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso obizwa ngokuthi eNgangeni Ngesango Iyafohla, obuholwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli njengoba begasele ezitolo zaseNkandla edolobheni kungazelele muntu ehambisana nabakwasidlodlo, uMnyango wezaseKhaya, uMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi, uMkhandlu wase-King Cetshwayo kanye noMasipala waseNkandla.

UNdunankulu uthi kuyamkhathaza ukuthi kunabantu abaningi bokufika kuleli abalapha ngokungemthetho, abanamaphepha omgunyathi okuthi babe namabhizinisi, abadayisa imikhiqinizo engavunyelwe ukuthi idayiswe.

“Kulamabhizinisi abo kunenkinga yezezimali, uthole ukuthi umsebenzi uhola uR70 ngosuku, ebese uyacabanga ukuthi lowo msebenzi uhola malini ngenyanga kusamele athenge ukudla, akhokhele umqasho, enye ayihambise ekhaya. Ngizohlela noMnyango wezaBasebenzi ukuthi uvakashele emadolobheni asemakhaya ngoba le nkinga yemiholo ihlasele kakhulu kuzona. Kulomkhankaso sithole abokufika kuleli abangenawo amaphepha okuba kuleli abanye benawo kodwa awomgunyathi, abanawo amaphepha agunyaziwe okuba namabhizinisi, eminye imikhiqinizo ayinawo ama- barcodes, awanalo usuku lokuthi umkhiqizo ukalelwe isikhathi esingakanani sokuthi ube semashalofini (expired date) futhi kunomkhiqizo esutholile kwesinye sesitolo ongavunyelwe ukudayiswa kuleli ilemonvate cream owenza umonakalo esikhumbeni somuntu,” kusho uNdunankulu.

Uqhube wathi lo mkhankaso awenziwa ngoba kukhona yena kuphela kodwa amaphoyisa awenza noma inini ezindaweni ezihlukahlukene. Uphinde wakhala ngabantu abaputshuza ukugasela kwabo kwabokufika njengoba ezitolo eziningi befike abanikazi bezitolo bengekho kodwa kukhona abasebenzi kuphela.