Uncategorised

KUKHULEKELWE USENZO MCHUNU

KUKHULEKELWE lowo obenguNgqongqoshe waMaphoyisa Kuzwelonke uMnuz Senzo Mchunu

.

AMAKHOLWA amabandla ahlukene eMpumalanga ekhulekela uMnuz Senzo Mchunu.

.

UMCULO wokholo nawo awusalanga ngaphandle kukhulekelwa uMnuz Mchunu.

SIYABONGA PHAKADE

AMAKHOLWA aqhamuka emabandleni ahlukene esifundazweni sase-Mpumalanga athi ipolitiki angeke iwavimbe ezinhlelweni zokukhulekela uNgqongqoshe waMaphoyisa kuzwelonke osamisiwe uMnuz Senzo Mchunu. Lokhu kuvele ngesikhathi kuqhubeka umkhuleko obizwa nge-National Prayer For Senzo Mchunu eMbombela Civic Center, eMpumalanga ngaphansi kwesiqubulo esithi “The Truth will Prevail”.

Lo mkhuleko ohlanganisa amabandla ahlukene kanye nabaholi bawo kuhloswe ngawo ukuqinisa idolo uMchunu osolwa ngamacala okugxambukelai emsebenzini wabakwasidlodlo.

Umgqungquzeli walomkhuleko uMnuz Sipho Nathi Mafuyeka ekhuluma nabezindaba uthi abahambisani nezinhlamba okuchaphwa ngazo uMnuz Mchunu eziqhamuka kumalunga omphakathi ngobs abanabo ubufakazi obuphathekayo bokuthi uMnuz Mchunu uyathinteka kulenkohlakalo asolwa ngayo. “Angisho ukuthi uMchunu umsulwa kodwa emnyangweni ake wayiphatha akakaze anukwe ngenkohlakalo” kusho uMnuz Mafuyeka.

Uqhube wathii kubalulekile ukuthi abantu bekhulume ngento abanobufakazi bayo, beyeke ukudicilela phansi isithunzi somuntu ngaphandle kobufakazi.

Kusenjalo amakholwa ebethe chithi saka kulomthandazo athi azogxila emthandazweni aphinde aqinise uMnuz Mchunu idolo ngohlelo olungenayo inhlese yezepolitiki.