OWAKULELI USEZODLALA KWILIGI EPHEZULU EBELGIUM.

UMDLALI waseNingizimu Afrika uKurt Abrahams uhole i-SK Beveren ikhushulelwa esigabeni esiphezulu eBelgium.
ISITHOMBE : SK Beveren
MALIBONGWE MAZIBUKO
UMDLALI waseNingizimu Afrika, uKurt Abrahams, usize iqembu lakhe, i-SK Beveren, lakhushulelwa esigabeni esiphezulu sebhola eBelgium, njengoba eqhubeka nokukhombisa ifomu emangalisayo selokhu ebuyile kuleliya lizwe.
U-Abrahams, oneminyaka engu-29, ubuyele eBelgium lapho aqala khona ukuzenzela igama, ngemuva kokuchitha cishe iminyaka emibili eSerbia edlalela amaqembu i-Novi Pazar kanye ne-Sloboda Uzice, lapho kube nzima khona ukubamba isitayela seligi yakhona.
Lo mdlali onekhono uke Wadlala emaqenjini aseBelgium okubalwa kuwo i-Sint-Truiden, i-KVC Westerlo kanye ne-KMSK Deinze. Ukubuya kwakhe eBeveren kube yisinqumo esihle njengoba eseshaye amagoli angu-11, wakha ayisikhombisa kusukela efike ngoZibandlela ka-2024.
Ngempelasonto edlule, u-Abrahams uphinde washaya igoli ngesikhathi iBeveren ishaya i-Patro Eisden ngo 4-1. Lokho kunqoba kuholele ekutheni bakhushulelwe esigabeni esiphezulu. Banamaphuzu angu-66 emidlalweni engu-24. Bahamba phambili ngamaphuzu angu-11 kwi-Lommel SK esendaweni yesibili ekubeni besenomdlalo abasemuva ngawo.
Njengamanje u-Abrahams usemuva ngamagoli ama-5 kohamba phambili kohamba phambili, uRalf Seuntjens. Sekusele imidlalo eyisikhombisa kuphela ngaphambi kokuphela kwesizini.
