Uncategorised

UKHAWULA UZOKWETHULA UMTAPO WOLWAZI ENDALENI

UMTAPO wolwazi ozokwethulwa uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula. ISITHOMBE:KZNDSAC

ZETHU PHOSWA

UNGQONGQOSHE WoMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko amasiko, uMnuz Mntomuhle Khawula uzonikezela ngokusemthethweni umtapo wolwazi omusha waseNdaleni, Richmond kumphakathi noMasipala waseRichmond kusasa. Lo mtapo wolwazi oku-Ward 7 uyisithembiso esikhulu sokuthuthukisa imfundo, isiko lokufunda, nokukhulisa amathuba emsebenzi emphakathini.
Le phrojekthi, ethathe iminyaka emithathu ukuyiqeda, yakhiwe ngenhloso yokuvula amathuba ikakhulukazi entsheni, nokuhlinzeka indawo ephephile yokufunda nokwenza ucwaningo.
Umtapo wolwazi uhlinzeka ngezincwadi ezinhlobonhlobo, ubuxhakaxhaka besimanje, izinqolobane zocwaningo, kanye ne-inthanethi yamahhala, okuzosiza izakhamuzi ukuthi zifake izicelo zomsebenzi, zilungise ama-CV, futhi zithuthukise amakhono edijithali.