UVEZE ELINYE IKHASI NGAYE UMKHWANAZI

UMBIKO:ZETHU PHOSWA
NGAPHANDLE kokuthi alwe nobugebengu, okwenza iKwaZulu-Natal lingabi umachangca wezigebengu, umphathi wamaphoyisa uveze olunye uhlangothi lokuba nozwelo nothando emphakathini.
Lokhu kuvele ngesikhathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli noKhomisha wamaPhoyisa eKZN uGen Nhlanhla Mkhwanazi bekwinxanxathela yezitolo eGalleria eThekwini, ukuqinisekisa ezokuphepha kulesi sifundazwe.
UGen Mkhwanazi ube nentshisekelo yokusiza indawo Galleria Mall Learning Lab, ngenxa yokuthi isiza abantu abasezindaweni ezahlukene ngokufunda, ukuthuthukisa ulwazi nokusiza abafundi bamabanga aphansi nabasemanyuvesi nezingane.
UGen Mkhwanazi uthe ukujabulela kakhulu ukubona isikhungo esisebenza kanje, ngaphandle kokukhokhisa.
Uveze ukuthi ufisa lesi sikhungo sithuthukiswe ukuze singabi nezinselelo ekusizeni abantu.
UNdunankulu uNtuli uthe uzokuqinisekisa ukuthi lesi sikhungo siyaluthola usizo.
Uthe uzoxhumana noMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko.
