Uncategorised

KUKHUNJULWE UBUQHAWE BOWAFELA UKHOLO UMAQHAMUSELA

UNGQONGQOSHE uMfu Zondi othi namanga asoSuthu yiwo abulalisa uMaqhamusela, ngenxa wokholo lwakhe.

IZIKHULU zebabandla uLuthera.

ITSHE eliyisikhumbuzo sikaMaqhamusela Khanyile.

IBANDLA laseLuthera
IZITHOMBE: NONTSIKELELO MHLONGO

ZETHU PHOSWA

UKHALE ngomlando ohlakanezelwe wakuleli odinga ukulungiswa, ukuze kulondolozwe oyiqiniso uNgqongqoshe
wezokuThuthukiswa koMnotho neZindaba zokuVakasha KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi, ngesikhathi

kukhunjulwa umfelukholo, uMaqhamusela Khanyile KwaMondi eduze kwaseShowe.
UMfu Zondi uthi likhulu iqhaza elabanjwa amabandla obuKristu, elinothisa umlando wakuleli, ongakaqhambiswa ngokuyikho, odinga ukuthi ulungiswe ukuze ulondolozwe.

Lesikhumbuzo besihlelwe uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal ngokubambisana neBandla LamaLuthere, i-Amafa Heritage& Research Institute uMasipala uMlalazi noMasipala iKing Cetshwayo.
Lo mkhosi ubuhlonipha umhlatshelo wakhe wokugcina; ukunikela ngempilo yakhe ngenxa yokholo lwakhe.
UNgqongqoshe uMfu Musa Zondi, ugcizelele indima kaMaqhamsela, owabulawa ngomhlaka 9 Mashi 1877 , owaziwa njengomfelukholo wokuqala eSub-Saharan Africa.

Ugcizelele ukubaluleka kokulungisa umlando ohlanekezelwe, njengoba kuvame inkulumo ethi uMaqhamsela wabulawa ngomyalelo weSilo uCetshwayo.
“Eqinisweni, uMaqhamsela wayekhonza kwiSilo uCetshwayo, ngakho-ke ifa lakhe kumele likhunjulwe nokuhlonipha,” kubeka uMfu Zondi.

Ngonyaka ka-2007, isifundazwe salungisa isikhumbuzo sikaMaqhamusela iMartyr’s Cross oPhondweni KwaMondi, okuyisikhumbuzo esibhalwe njengeSiza Se-Amafa Esesifundazwe (Provincial Heritage Site).

Nakuba sekuphele iminyaka engu-149 kusukela ekubulaweni kukaMaqhamusela, kuseyisikhumbuzo esibuhlungu somzabalazo ongapheli wenkululeko yokukhonza. “Kakugcinanga ngezinkathi zikaMaqhamusela ukubulawa kwamaKrestu. Kulesikhathi samanje akusakhulunywa ngakho kakhulu, kepha njengoba nazi zisekhona izigameko zababulawa iBoko Haraam koNigeria ziyisibonelo salokhu,” kuqhuba uZondi.