Uncategorised

ZIDLULE NENQWABA YEMIPHEFUMULO IZIKHUKHULA E-KZN

UNGQONGQOSHE uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ngesikhathi kuqhubeka isithangami sabezindaba. ISITHOMBE: KZNCOGTA

NOMCEBO NGEMA

ZIDLULE nemiphefumulo engama-35 izimvula ezinamandla ezihambisana nombani wezulu esifundazweni KwaZulu-Natal, kusukela ngoZibandlela ngonyaka odlule kuya kuNdasa kulonyaka.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe woMnyango weZokubusa Ngokubambisana neZindaba zoMdabu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi izolo, ngesikhathi kunesithangami sabezindaba eCoastlands Hotel eMusgrave, eThekwini.

UNgqongqoshe uthi lesi sifundazwe sikhahlanyezwe kakhulu yizinhlekelele ikakhulukazi izikhukhula, eziphazamise izingxenye ezithile zesifundazwe, kwadlula imiphefumulo yabantu abaningi.
Uthi imikhandlu ebe yizisulu zezinhlekelele kube uMgungundlovu, iLembe, uThukela, uMzinyathi, aMajuba, uMkhanyakude, iZululand, eThekwini no-Ugu.
“Umonakalo omkhulu wenzeke ezikhungweni zikahulumeni, nemizi yabantu. Sikwazile ukuhlanganisa indlela yokuthi sisondele emindenini ethintekile, saxhumanisa omasipala neminye iminyango ukuze sikwazi ukuletha usizo emindenini ethintekayo,” kusho uNgqongqoshe uButhelezi.

Uphinde wadlulisa amazwi enduduzo kuyona yonke imindeni elahlekelwe abathandiweyo bayo, ngesikhathi sezikhukhula okubalwa nabayi-6 abamuke nomfula iNadi, eMsinga ngesonto eledlule.
“Siyitholile imizimba emihlanu. Ithimba lethu liyaqhubeka liyathungatha, oyedwa ongakatholakali. Sizwelana kakhulu nemindeni ethintekile futhi njengohulumeni waKwaZulu-Natal sikwazile ukusondela emindenini sayixhasa ngendlela ebidanga ukuthi balekelelwe ngayo,” kuphetha uNgqongqoshe uButhelezi.