Uncategorised

OKACETSHWAYO UVULWE NGESASASA

UBE NESASASA umdlalo weshashalazi okhuluma ngempilo yeSilo uCetshwayo.

UJerry Pooe onguMqondisi womdlalo iKing Cetshwayo The Musical.

UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko uMnuz Mntomuhle Khawula. IZITHOMBE:ZETHU PHOSWA

ZETHU PHOSWA

UVULWE ngesasasa umdlalo okhuluma ngempilo yeSilo uCetshwayo, obizwa ngokuthi iKing Cetshwayo: The Musical eThe Playhouse eThekwini.
Lo mdlalo obhalwe waqondiswa uJerry Pooe, usika elijikayo ngezigameko nezehlo zomlando kaZulu, ngesikhathi kubusa iSilo uCetshwayo kaMpande, ezagcina ziholela kwimpi yaseSandlwana, lapho UZulu anqoba amaNgisi khona. IKing Cetshwayo The Musical sekungunyaka wesine yasungulwa, iqhamuka eWushwini Art Centre futhi kulo nyaka uqoqe abadlali abavela oNdini. Umqondisi uJerry Pooe umemezele ukuthi kulonyaka abalingisi abaningi bavela oLundi, kanti kulo nyaka lomdlalo uzohambela amazwe ase-Afrika, uzophinda uyokhonjiswa eChicago eMelika.
“Empeleni 90% yabadlali sabathola oLundi senza inhlolokhono khona. Okumnandi ukuthi kulonyaka lomdlalo uzohambela amazwe ahlukene e-Afrika, uphinde uye eChicago, ” kubeka uPooe
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, uthe lomdlalo uyisibonelo sombono woMnyango, wokuthola nokukhulisa ithalente. UNgqongqoshe Khawula uchaze lo mdlalo njengomcebo wesifundazwe, ugcizelele ukuthi kulo nyaka uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uzoqala inqubo yokuzuza ngezokuvakasha eziqhakambisa amagugu esiFundazwe. Uphinde wancoma ukubambisana phakathi kweWushwini ne-Indonsa Art Centre (esoLundi) futhi wakhuthaza abaculi ukuthi basebenzise lawo maziko obuciko.