UZOKUMBA EQOLO UPHETHILOLI NODIZILI KULELI

UNGASE ukhuphuke ngezinga eliphezulu uphethiloli nodizili kuleli. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
LIZOBHEKANA nengwadla elakuleli njengoba kulindeleke ukuthi ukhiphuke
ngo-R4 ilitha kaphethiloli ngenyanga ezayo.
Lokhu kuvezwe abakwa-Central Energy Fund (CEF), uphethiloli ohluziwe (petrol 95), uzonyuke ngo-R3.98 ilitha, kuthi ongahluziwe (upetrol 93) unyuke ngo-R3.62.
Kuthiwa udizili wona usesimeni esibi kakhulu, njengoba kungenzeka unyuke ufinyelelele ku-R6.63 noma uR6.75 ilitha, nopharafini ngeke usale ngaphandle njengoba nawo usengcupheni yokunyuka.
Lokhu kunyuka okungase kwenzeke kudalwa impi enkulu ephakathi kwe-United States, Israel ne-Iran. Ngaphezu kwalokho, uhulumeni uzofaka nentela entsha okungamasenti angu-21 ngelitha kusukela mhlaka lulunye kuMbasa.
