UMACEKECEKE KAMAKOTI OLOTSHOLWE NGOKHESHI KA-R200 000

BEKUKUHLE kudelile sebezishaye zonke abakwa-Ngubane emndenini wakwa Blose, kwesobunxele uBonnie Ngubane ongubabezala, uNomhle Blose umakoti kanye noLuyanda Ngubane umkhwenyana.
SANDILE MAKHOBA
NAMANJE kusabatshazwa isimanga esenziwe impunyela yaseMsinga uMnuz Bonnie Ngubane, lo somabhizinisi owaziwa kakhulu ngokuxhasa imicimbi kamaskandi aphinde abe umngani omkhulu kaKhuzani Mpungose.
UNgubane uthengele indodana yakhe uLuyanda Ngubane, unyanyavu lwemoto olubiza cishe izi-R500 000 00 yohlobo lwe-Golf 8 GTI. Kuthe kusabatshazwa lokho wase eyilobolela nge-R200 000 00 emzini wakwa-Blose, elobola umalokazane wakwakhe uNomhle Blose.
Uthi okumchaza kakhulu ngomfana wakhe ukuthi uyahlonipha kakhulu futhi uyindoda .
UBonnie emshadweni kaKhuzani waletha isipheko semali engango-R50 000 ehambisana noWelile Mchunu. UBonnie ungomunye wabantu abagqugquzela kakhulu ukuthi kushadwe kuvuswe imizi.
