Uncategorised

ZEHLE ZILAKANYANA KU-DOJA EGAGULWA NGELASEKHAYA

ISASASA belilikhulu kwikhonsathi yesihlabani sakuleli esizinze eMelika uZandile Dlamini odume ngelikaDoja Cat. ISITHOMBE:TIMES

ZETHU PHOSWA

UTHOLE ukwesekwa okuyisimanga uZandile Dlamini odume ngelikaDoja Cat, ngesikhathi enekhonsathi eKapa ngempelasonto.

Zivele zehla zalandelana izinyembezi ku-Doja ngesikhathi abalandeli bakhe bemumemeza ngegama lakhe lasekhaya uZandile ngesikhathi ephefoma.

“Ngiyabonga kakhulu kunina nonke enilapha ukuzongibona. Ngiyaqala ukuba kulelizwe kodwa ngizizwa sengathi ngake ngaba lapha. Lokhu kukhulu kakhulu,” kusho uDoja.
Le ntokazi engacosi phansi phesheya nakuleli , izalwa isihlabani sakuleli uDumsani Dlamini Wodumo lomdlalo iSarafinah neYizo Yizo