UNGIZWE UTHI MALEMA AZE ANGAWUBEKI UMCONDO E-KZN

UNGIZWE MCHUNU noJulius Malema ngesikhathi besezwana. ISITHOMBE: KING ZOSO
NOMCEBO NGEMA
OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM uNgizwe Mchunu , ukhombe ngenjumbane uMholi we-EFF uJulius Malema, wathi akaphinde alubhada KwaZulu-Natal, ngesikhathi eyingxenye yemashi, yokungahambisani nabokufika abakuleli ngokungemthetho ebihlelwe iMarch And March.
UNgizwe uthi uMalema isigebengu esidala, uthi njengoba elwisa uMkhuzi waMaphoyisa esifundazweni uLt General Nhlanhla Mkhwanazi,yingoba uyazi ukuthi usebenjiwe. “UMalema uzamile ukuzenza insizwa phezu kwezwe laseNingizimu Afrika, kodwa kwangenzeka. Mina nginesiqiniseko sokuthi uMalema ungubhongoza wenkohlakalo, lokho ngakutshelwa uFloyd Shivambu besendawonye. UFloyd wathi kimi ungakhathazeki mengameli wesizwe samabhinca,usezandleni ezifudumele kuphethe thina kuMasipala waseKurhuleni, yonke into ethinta ezokuphepha ingeyethu senza imali engaphezulu kuka-R10 million ngenyanga. UMalema akayeke ukuzama ukuhlukanisa iKwaZulu-Natal, abazihlukanele bodwa le kude. UMalema akasamukelekile KwaZulu uthuke uMkhuzi waMaphoyisa esifundazweni isidingo singekho,” kusho uNgizwe.
Uqhube wathi njengoba uMalema ethuka uMkhuzi waMaphoyisa, akaqali njengoba phambilini wathuka iSilo esesabuza uMdlokombane, uMntwana waKwaPhindangene, wadicilela phansi isithunzi sowayenguMengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma.
“Ngiyayifuna l*nja ewu-Julius Malema ngiyifuna ngeskhwili nje kuphela,” kusho uNgizwe
Iqembu le-EFF esifundazweni seliphendulile lathi, iKwaZulu-Natal yindawo yentando yeningi lapho abaholi bezepolitiki bekhululekile ukuvakashela nokuxhumana nemiphakathi ngaphandle kokwesaba noma ukwesatshiswa.
