UMASIPALA WASENKANDLA NOHLELO LOKULEKELELA ABAFELOKAZI

IMEYA kaMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza.

IMEYA uCllr Nzuza nabanye babafelokazi ebebehambele lo mcimbi. IZITHOMBE: NKANDLA MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
IMEYA kaMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza, usungule uhlelo olusha lokubhekelela abafelokazi olubizwa nge-Widows Empowerment Programme, okulindeleke ukuthi luzale izinhlelo eziningi zokuthuthukisa abafelokazi.
Lo mcimbi wokwethulwa kwalolu hlelo ngokusemthethweni ubuse-Indoor Sports Centre eNkandla, izolo.
IMeya Cllr Nzuza uthi ukuzikhulisela izingane nokunakekela amakhaya ngabodwana kwabesifazane, sekwathathwa njengento ejwayelekile futhi okulindeleke nakanjani ukuthi bayenze abesifazane uma eshonelwa umyeni. “Lokhu abesifazane abaningi bakwenza benamanxeba ophayo okushonelwa abathandiweyo babo, kungekho nokhathalele ukuthi impilo yabo izoqhubeka kanjani esewumfelokazi. Lesi simo sibenza baphile nengcindezi yengqondo nokhwantalala, ngenxa yobuhlungu nobunzima ababuthwele ngabodwana.
Namhlanje sihlanganise abefolokazi abangaphezu kwama-290, ukuze bathole ukwelulekwa ngokwengqondo, ukwelashwa ngokomoya nokuzokwenza kwehle nezinga lokuba buthaka enyameni,” kusho iMeya uCllr uNzuza.
Kulo mcimbi bekukhona uNgoti wezengqondo, osonhlalakahle nabefundisi, belapha amanxeba eminyaka nasemasha kwabanye njengoba kusekhona nabazilele abayeni babo abasanda kudlula emihlabeni.
Abafelakazi babonge banconcoza kwiMeya, baphinde babhoboka nakongoti ngezimo ababhekana nazo emakhaya.
