Uncategorised

UMAKHADZI UBONGA UKUYIBAMBA KUSHISA NOKUKHULA

UMAKHADZI ujabulela ukukhula no kubeka umaka emculweni

ZETHU PHOSWA


UMAKHADZI uzobungaza iminyaka esemculweni, ngokuthi akhiphe i-albhamu yesi-8.
Uthi lokhu ukwenza ngoba ungowesifazane oyibambe ishisa ezabalazela impumelelo waze wafika kuleli zinga akulona, wakhula wadweba umaka wokuthi nabangemuva basale bebona.
“Njengoba ngihlanganisa iminyaka eyi-30,kungaphezulu kokukhula nje, kodwa kusho ukuzalwa kabusha nokubeka indawo yaseLimpompo kwibalazwe. Umsebenzi wami wenziwe ukusebenza kanzima, ukukholelwa kuwo, nangokuthola ukwesekwa kakhulu umphakathi wangakithi, “ kusho uMakhadzi.
Uthi kukho konke ubonga abalandeli bakhe nabantu baseLimpompo ngokumeseka.
“Ngikhulele eLimpopo, konke kuqale ngingenalutho kodwa kuyiphupho. Bengidlala emgwaqeni, emarenki nasemcimbini yomphakathi, ngingenzi nzuzo, kodwa yikona lokho okungibeke esicongweni, “ esho.
I-albhamu kaMakhadzi ebizwa ngokuthi yiBig30, iqukethe izingoma eziyi-11,kuzona ufake abaculi abehlukene.
Izingoma zimi kanje:
1.Nyatsi ft Sannare, Bongo beat
2.Mabozaa ft Murumba Pitch
3.Cancela lenyalo ft. Bliss Bouy
4.Mokone ft Poobington and Dr Skaro & Janisto
5.Tshiketee ft Eemoh and goonflavor..
6.Lidegere. Ft Mr Brown Ent

  1. Danki ft poobington (make main artist)
  2. Siyaya ft Mduduzi song, produced by Mr brown
  3. Dauty ft Mkoma san
  4. Where have been Ft Donald
    11.Mujelele ft IG lunar, MJ – Bonus track