KUBULAWE ABANTU ABAYI-5 ENANDA

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
KUTHOLAKALE izidumbu eziyi-5 zabantu ababulewe eBhambayi, eNanda namuhla ekuseni.
Lezi zidumbu zabesilisa ebezilele uyaca eBhambayi zilinganiselwa eminyakeni eyi-19 kuya ku-26, ezintathu bezidindilize enkundleni yazemidlalo yesikole Comprehensive Secondary, ezimbili bezibuqamama nesikole.
Kuthiwa lezi zidumbu
ezingakahlonzwa ukuthi ngezobani, zitholwe zinamanxeba okugwazwa nokushaywa ngocelemba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Robert Netshuinda usiqinisekile lesi sigameko, wathi amaphoyisa asathungatha abasolwa, ababulale labantu abahlanu.
Uthi isizathu sokubulawa kwabo okwamanje asikaziwa, wacela abangaba nolwazi basebenzisane namaphoyisa.
