UHLONISHWE NGEZIQU ZOBUDOKOTELA ULELETI KHUMALO

UDKT Leleti Khumalo ngesikhathi ehlonishwa ngeziqu zobudokotela endimeni yokulingisa. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UNOBHALA jikelele we-African National Congress (ANC), uFikile Mbalula ubongele isishoshovu kwezokulingisa uLeleti Khumalo, ngokuhlonishwa iRhodes University ngeziqu zobudokotela.
UDkt Leleti waduma kakhulu kumdlalo iSarafina nomdlalo uYesterday. “Ngiyambongela kakhulu uDkt uKhumalo inkulu kakhulu indima ayidlalile kwezokulingisa. I-ANC yonke ithi halala!! Mbokodo,” kusho uMbalula.
Le nyuvesi ayigcinanga ngokuhlonipha uDkt uKhumalo, kodwa iphinde yahlonipha uMaureen Quin no-Advocate Win Telrwngove SC owuqweqwe lommeli olwaziwayo kuleli.
