Uncategorised

IDLA UBHEDU INGOMA ENTSHA KA-DJ ZINHLE

UDJ Zinhle okhiphe ingoma eshisa izikhotha. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

ITHOKOZELWE abaningi ezinkundleni zokuxhumana ingoma ka-Dj Zinhle ayikhiphe ngoLwesihlanu olwedlule mhla zingama-27, esihloko sithi “Ezothando”.
Kule ngoma uDj Zinhle upike uCebo, Mmata Magic, C Phe SA, Msindo Listo, Thobani White noNayvee Womculo.

UDj Zinhle ngaphambi kokuthi ayikhiphe le ngoma, ufake amazwibela ayo ezinkundleni zokuxhumana, lapho ayevulele khona noma ubani ukuthi afake umucu wakhe okanye ivesi “verse challenge”. Le shalenji yaheha inqwaba yabantu yaphinde yangenelwa abantu nabaculi abangaphezu kuka-2000.
Abaculi abadla umhlanganiso kwaba uThobani White noNayvee futhi abagcine bepikiwe kulengoma.

Le ntokazi ogama layo langempela kunguNtombezinhle Jiyane wase-Dannhouser, unconywe kakhulu ngokukhulisa ithalente labaculi abasakhulayo aphinde abavulele iminyango kwezomculo. Ezothando ixube umculo, umdanso kanye namaphimbo amtoti ahlukahlukene, isiyathola kuzona zonke izindawo zomculo.