USALE ENKUNDLENI OSOLWA NGOKUBA YI-WEST ENANDA

ILONA igumbi leli lo wesilisa ebebhace kulona eNanda. ISITHOMBE: KZNSAPS
NOMCEBO NGEMA
KUDUTSHULWE kwabulawa owesilisa oneminyaka ebalelwa kwengama-20 ubudala eMzomusha, eNanda namuhla ekuseni.
Lo wesilisa usolwa ngokuba ilunga lezigelekeqe elaziwa ngeWest Gang, futhi ubefunwa amaphoyisa ngamacala ahlukahlukene.
Amaphoyisa athi ngesikhathi ezama ukumbopha endlini eyigumbi elilodwa, umsolwa uvulele ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni, kwase kuqala ukudubulana phakathi komsolwa namaphoyisa, okugcine ngokuthi umsolwa asale enkundleni.
Aqinisekisa ukuthi athole isibhamu sohlobo lwe-9mm endaweni yesigameko.
“Uphenyo luyaqhubeka, ukuze kutholakale kabanzi ngokuxhumana kwakhe namanye amacala nobugebengu,” Ngokusho kwamaphoyisa.
