Uncategorised

BAZOHLEKA KUZE KUBEBUHLUNGU IZISU EMAHLAYENI KUSASA

KUZODEDELANA osomahlaya emcimbini wosomahlaya iPrison to Palace Show Comedy ehlelwe yiPro Foundation.

NOMCEBO NGEMA

KUZOBE kufiwa insini emahlayeni kusasa ntambama eStable Theater eThekwini. Lo mcimbi wamahlaya ohlelwe uSthembiso ‘Pro’ Ndlovu ubizwa ngeFrom Prison To Palace Comedy Show, uwenze wawuqondanisa nosuku lakhe lokuzalwa.
Lo mcimbi ohlelwe yiPro Foundation, kaProh Ndlovu ongusomahlaya waseMgungundlovu, osanda kuphuma ejele uthi usebuyile emahlayeni.
Uthi ubunzima nobuhlungu adlule kubona, akuzange bumvimbe ukuthi aqhubeke nokuhlekisa abantu.
UPro owangena ejele ngecala lokubulala ‘engalenzanga’ wayegwetshwe iminyaka eyi-18 kodwa waphuma esahlale eyi-7 ngemva kokuthi inkantolo ibonile ukuthi yenze ‘iphutha’. Uphume wakhipha incwadi esihloko sithi-From Prison To Palace ekhuluma ngempilo yakhe nequkethe izifundo azitholile ngempilo yasejele nasempilweni jikelele.

Uveze ukuthi uphume ejele wama ukwenza amahlaya ngenxa yokuthi abantu bebemdabukela, befuna ukuzwa udaba oluphelele nokudale ukuthi abone ithuba lokugxila ekudayiseni incwadi ukuze agqugquzele abanye abantu abadlula ezinkingeni.
Uthi kodwa manje usekulungele ukubuyela emahlayeni, nokusebenzisa udaba lwakhe esteji ukuthi luphilise abantu ngokuhlekisa.
“Kamuva nje ngike ngahlekisa emcimbini ehlukahlukene ngabona ngempela ukuthi abantu bayawathanda amahlaya ami amasha, akhuluma ngesimo engidlule kuso, nokungenze ngathatha isinqumo sokubuye ngokuphelele emahlayeni”, kuchaza yena uPro Ndlovu.

Akasiyonake imfundamakhwela emahlayeni njengoba ngonyaka ka-2015 waqokwa kumaCrown Gospel Awards emunxeni we-Best Gospel Comedy.

“Abantu bazobhema bakholwe ukuthi amahlaya asekhona eThekwini ngoba bazohleka badele” kusho uPro.
Phakathi kosomahlaya abazobe bekhona namuhla kusihlwa kubalwa kubo uSimphiwe Shembe, Flymotion, Justice Kubheka, AmaWele AseChesterville, Ndlebe, Mangaliso, Master Nuh, Moemish, Zinhle Mkhize nabanye abaningi. Lo mcimbi uzoqala ngo-7 ebusuku. Amathikithi atholakala emnyango.