ISILO NESICELO KOSOMATEKISI

ISILO uMisuzulu KaZwelithini sicela imboni yamatekisi ukuthi ingayikhuphuli imali yokugibela njengoba sekuqalile ukuntuleka kukaphethiloli nodozili kwezinye izindawo. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
ISILO uMisuzulu KaZwelithini, sicela abemboni yamatekisi ukuthi bangayikhuphuli imali yokugibela, ngoba lokho kuzofaka ingcindezi enkulu emindenini evele idonsa kanzima.
INgonyama ikhulume kanjena ngesikhathi ivakashele ibandla iCovenant Fellowship Church International (CFCI), eMpangeni eSikhawini.
“Ngiyanicela banikazi bamatekisi ukuthi nibe nomusa kubagibeli ngalesikhathi esinzima kangaka, ukukhuphuka imali yokugibela kuzofaka ingcindezi enkulu emindenini evele idonsa kanzima. Kufanele nibambisane nabagibeli futhi nibaphathe ngenhlonipho nangobungcweti, hhayi njengezilwane,” kusho iSilo.
ISilo siphinde saveza ukukhathazeka kwaso ngempi eqhubekayo kumazwe amathathu okuyi-United State, Iran kanye nakwa-Israel, sanxusa amabandla ukuthi athandazele ukuthula kube nokubuyisana nozinzo kuwona lamazwe.
