Uncategorised

UMCHUNU UGQUGQUZELE UKUBAMBISANA KUMAPHOYISA NOMPHAKATHI

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli uMnuz Senzo Mchunu ugqugquzele ukwethembeka emaphoyiseni, wacela umphakathi ukuthi usebenze ngokubambisana namaphoyisa.
Lokhu ukusho ngesikhathi
ethula inkulumo emcimbini wokubungaza amaphoyisa namuhla eKing’s Park Athletes Stadium eThekwini.
Lo mcimbi obunesasasa bekubuthene amaphoyisa avele kuzo zonke izifundazwe zakuleli, aholwa uKhomishana General Fannie Masemola.
UNgqongqoshe uMchunu uthe njengoba ubugebengu benzeka emphakathini, lokhu kusho ukuthi umphakathi usuke ubazi abantu abathinteka ezigamekweni zobugebengu.
Uvezenukuthi kumqoka ukuthi umphakathi ungazithatheli umthetho ngezandla. Ugcizelele ukuthi kubalulekile ukuthi umphakathi ubike emaphoyisa ngezigameko zobugebengu.

“Asikhumbule ukuthi ithemba labantu bakithi lisezandleni zamaphoyia. Kumqoka ukuthi amaphoyisa nomphakathi babenobudlelwane obuhle.Uma amaphoyisa nomphakathi besebenza ngokubambisana kubangcono ukufeza umongo wokuvikela umphakathi nokulwa nobugebengu imbala,”kusho uMchunu.