Izindaba

INJABULO BEWINA IZIMOTO KUMA-KZN SPORT AWARDS

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula ekhuluma emcimbini wokuklomelisa bonke abenze kahle kwezemidlalo.

UZAKITHI noNonkululeko ngesikhathi bemukela izimoto zabo zakwanokusho.
IZITHOMBE: KZNDSAC

NOMCEBO NGEMA

KUYE ngamagama enkehli bakhala bemuka nomacekeke bezimoto zakwanokusho owesifazane nowesilisa bonyaka abavelele kwezemidlalo.
Lokhu kwenzeke ngoMgqibelo ebusuku ngesikhathi uMnyango wezeMidlalo ezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula, uklomelisa bonke abenze kahle kwezemidlalo, e- Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC), eThekwini.

UNgqongqoshe uMnuz uKhawula uthi bayisifundazwe esiwinayo kwezemidlalo ezamasiko kanye namaciko.
“Namuhla siklomelisa bonke abesifazane nabesilisa ebenze kahle kwezemidlalo ezihlukahlukene. Siyifundazwe esiwinayo kwezemidlalo ezamasiko kanye namaciko. SiwuMnyango silandelele ezinyathelweni zikaMntwana waKwaPhindangene, iNkosi Price Mangosuthu Buthelezi. Asikaze sisenzele phansi isifundazwe saKwaZulu-Natal kukho konke esikwenzayo, futhi angeke sisenzele phansi nangomuso. Sizishaya isifuba kwibhola lezinyawo ngoba sinamaqembu amaningi okudlula zonke izifundazwe kulesizini esikuyona,” kusho uNgqongqoshe uKhawula.
Ube esebonga bonke abanqobile.
Owesifazane wonyaka ovelele okhale wemuka nonyanyavu lwemoto nguNonkululeko Mlaba, owesilisa wonyaka ovelele kwaba uZakithi Nene, uThulisile Dlamini ukhale wemuka neye-Visual Journalist Of The Year, intatheli evelele yezemidlalo yonyaka kwaba uRobin Duke Madlala kanye nabanye abaningi abanqobe kwiminxa ehlukahlukene.