Izindaba

UKLONYELISWE NGENDONDO YETHUSI OWE-ARROWS

USIYANDA Ndlovu uhlabene ngendondo kwiKZN Sports Awards ebibanjelwe e-ICC eThekwini.
ISITHOMBE: Sportwire

MALIBONGWE MAZIBUKO

UMDLALI weLamontville Golden Arrows, uSiyanda Ndlovu, ukhale wemuka nomklomelo weSports Personality of the Year emcimbini wokuklomelisa abavelele kwezemidlalo KwaZulu-Natal, iKZN Sports Awards ebibanjelwe e-International Convention Centre izolo eThekwini.
UNdlovu uthole lo mklomelo ngemuva kokuvotelwa ngabalandeli bezemidlalo ngenxa yokukhula kwakhe ngokushesha ebholeni lezinyawo lapho esedonse khona amehlo abaningi ngokushaya into ecokeme kule sizini. Lo mdlali osemncane ube yingxenye ebalulekile eqenjini lakhe, ekhombisa ikhono, ukuzimisela kanye nokuzinikela enkundleni.
Abahleli balo mcimbi uMnyango WezeMidlalo, ubuCiko NamaSiko KwaZulu-Natal oholwa uMhloniswa uMntomuhle Khawula bathe
ukukhethwa kukaNdlovu kukhombisa ukuthi ikusasa lebhola laseNingizimu Afrika lisekhona ezandleni zabasakhulayo abanekhono, baphinda bagcizelela ukuthi lo mklomelo uyindlela yokukhuthaza abadlali abasebasha ukuthi baqhubeke nokusebenza kanzima.
Ekhuluma ngemuva kokuthola lo mklomelo, uNdlovu ubonge ukwesekwa akutholayo kwi-Arrows, kubaqeqeshi kanye nakubalandeli, wathi lokhu kuzomkhuthaza ukuthi aqhubeke nokuzithuthukisa futhi afinyelele ezingeni eliphezulu kakhulu.
Lo mcimbi uhlanganise osaziwayo bezemidlalo, uNdunankulu waKwaZulu Natal uThami Ntuli, abaqeqeshi kanye nabaphathi bezemidlalo eKZN bekhombisa ukubaluleka kokugubha impumelelo yabadlali bezinhlobo ezihlukene zemidlalo.