Uncategorised

UBHEKWE NGABOMVU UMUSIC VIDEO KA-PHINDI P

UPHINDI P okulindeleke ukuthi akhiphe unqambothi lwengoma eyodwa esihloko sithi I Celebrate. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

NOMCEBO NGEMA

UBHEKWE ngabomvu umusic video wengoma eyodwa esihloko sithi I Celebrate, kamethuli wezinhlelo kumsakazo uKhozi FM uPhindi P.

UPhindi ukhiphe umsebenzi wakhe ngoNhlolanja kulonyaka, othi Grace Note- Part 1, owenza kahle kakhulu njengoba ubukelwa (streaming) abantu abaningi kuleli kanye nabakwamanye amazwe.

“IGrace Note Part 1 ijule kakhulu, yonke ingoma iphethe umlayezo wayo wokuthembeka kukaNkulunkulu, kuyangijabulisa kakhulu ukubona abantu beyithakasela kangaka. Lo msebenzi uqhamuka kumkhuleko. Njengoba ngilungiselela ukukhipha imusic video, umkhuleko wami uthi amandla awangagcini ngokubonakala nje bukhoma kodwa awenze abantu bajule badumise uNkulunkulu,” kusho uPhindi.

Uqhuba uthi umsebenzi uxube amaphimbo amaciko omculo wokholo ahlonishwayo okubalwa umculi wase-Nigeria uPeterson Okopi.