ISASASA NGEFILIMU KAMICHAEL JACKSON

UJAAFAR Jackson udlala indawo kaMichael Jackson kule filimu.
AKHONA DLAMINI
ITHAKASELWE kakhulu ifilimu yempilo yengqalabutho kwezomculo yaphesheya kwezilwandle eseyadlula emhlabeni, uMichael Jackson.
Le filimu esihloko sithi “Michael” iphume mhla zingama-24 kuyona lenyanga kodwa isangundaba mlonyeni ezinkundleni zokuxhumana. Okunye okwenze ukuthi ibe sematheni ukuthi umlingisi oqavile kuyona uJaafar Jackson, ungumshana kaMichael futhi uyena odlala indawo kaMichael kule filimu. Abantu bakuthakaselile lokhu ukuthi kube umuntu wasemmdenini odlala indawo yale ngqalabutho, kuphinde kube umuntu onesakhiwo somzimba, nezwi elifanayo nelika Michael.
UJaafar ubeqala ngqa ukulingisa, uthi ujabule kakhulu ukuthola leli thuba eliyingqayizivele, nokuthi athole ithuba lokukhombisa umhlaba wonke ithalente lakhe. “Nginikele ngakho konke kule filimu. Ngithemba wonke umuntu uzokuthokozela okuqukethwe. Bekungekho lula ukulingisa le ngqalabutho ngenxa yemisebenzi yayo emihle ,” kubeka uJaafar.
Abantu baphinde bancoma uJaafar ngokungakufaki ekhanda ukuthi uhlobene noMichael, ubenza engathi abazani naye uma exoxa nabezindaba.
