UNGIZWE UNIKWE UMNQAMULAJUQU WOKUXOLISA KUMALEMA

UNGIZWE Mchunu noJulius Malema ngesikhathi besangamathe nolimi. ISITHOMBE: KING ZOSO
NOMCEBO NGEMA
UMENGAMELI we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema, ufuna uR1 million engakapheli amahora angama-24 wesinxephezelo kulowo owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu ngokumsola ngokudla imali engango-R60 million owawuqhamuka kubadayisi bezidakamizwa baseNigeria, ukuze abavikele njengoba bekuleli ngokungemthetho.
Lezi zinsolo zivele ngesikhathi uNgizwe ekhuluma phambi kwe-Union Buildings ePitoli, ngoLwesibili ngesikhathi kuqhubeka imashi enxenxa abokufika abakuleli ngokungemthetho ukuthi baphindele emazweni abo.
UNgizwe usole uMalema ngokuthi weseka abantu bokufika, ikakhulukazi abaseNigeria ngenxa yale mali okusolwa ukuthi wayithola.
Incwadi ethunyelwe abameli bakaMalema bakwa-England Slabbert Attorneys ithi le nkulumo kaNgizwe ingamampunge, futhi inobutha njengoba ilimaza isithunzi sikaMalema. Abameli bathi lezi zinsolo ziveza uMalema njengomuntu oyisigebengu nongafanele ukubamba isikhundla emphakathini.
UNgizwe unikwe umnqamulajuqu wamahora angu-24 ukuthi enze lokhu:
Ahoxise le nkulumo yakhe, axolise emphakathini, enze inkulumo eqoshiwe ezinkundleni zakhe zokuxhumana okubalwa uTikTok axolise noma akhokhele uMalema uR1 million wesinxephezelo.
“Uma uNgizwe engakwenzi konke lokhu sizoya enkantolo kuvulwe icala lokwehlisa isithunzi,” kusho incwadi yabameli.
