KUYASHUBA KWIMASHI YABOKUFIKA KUSASA ETHEKWINI

UXOLANI Khumalo uzoba inxenye kakhukhulela ngoqo wemashi kusasa.

UNGIZWE Mchunu noPhakelumthakathi abayizishoshovu ezinxenxa abokufika abangenawo amaphepha ukuthi bahambe. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
IZOHANJELWA uXolani Khumalo wodumo lohlelo lukamabonakude iSizok’thola, imashi engukhukhulela ngoqo yokunxenxa abokufika abakuleli ngokungemthetho, ukuthi baphindele emazweni abo, kusasa libumbene ihora lesi-9 ekuseni, edolobheni eThekwini.
UXolani uqinisekisile ukuthi uzoba khona, ngesikhathi enza inkulumo eqoshiwe nalowo owayengumsakazi woKhozi FM ophinde azibize ngoMengameli wamabhinca, uNgizwe Mchunu.
“Sithi wonke ama-tuckshops awavalwe ePoint lapho okuthiwa ikwa-alubhadwa khona, vele bayangikweleta bonke laba abadayisa izidakamizwa engingabatholanga. Kusasa ngizokwenza isiqiniseko sokuthi sinqwamana kuthwalofu,” kusho uXolani.
UNgizwe uthi njengoba besemkhankasweni wokuthi bonke abokufika kuleli ngokungemthetho abahambe, uqinisekisa ukuthi kusasa bazobe bengayihleki into engahlekisi.
“UXolani niyamazi eshayela uhlelo iSizok’thola kumabonakude, lapho ayehlangene khona nezinsizwa begxavuna abakhiqiza, nabadayisa izidakamizwa okuyibona laba abakhokhela osopolitiki ukuze udaba lwabo luzogxotshwa ngezinyawo. Labantu bokufika abadayisa izidakamizwa babulala izwe lethu kanye nekusasa lezingane zethu. Siyabonga kakhulu Xolani mfowethu ngomsebenzi omuhle owenzile kanye nalona esisazowenza kusasa,” kusho uNgizwe.
Uphinde wanxenxa bonke osomabhizinisi bakuleli nalabo abafisa ukuba osomabhizinisi ukuba baphumele obala ukuze basizakale. Uqhube wathi akazi ukuthi uhulumeni ubavumela kanjani abantu bokufika abangenawo amaphepha agunyaziwe okuba kuleli, ukuthi bavule amabhizinisi.
“Uhulumeni uzosilandela ngemumva manje ngoba labantu bengamele ngisho izakhiwo zakuleli, kodwa abanawo amaphepha. Hhaawu!! Lafa elihle kakhulu, lafa eliKaPhunga noMageba, lafa elikaMthaniya, lafa elobaba mkhulu . Sithi manje sukuma Zulu, phelela Zulu. Uzobe ekhona umfowethu uXolani, uPhak’lumthakathi nodadewethu uJacinta. Sicela ningaziwugqoki umfaniswano wezepilitiki, asiyenze kahle lento sihlangene siwuZulu,” kuphetha uNgizwe.
