Uncategorised

UTHWESWE IZIQU OWODUMO LWE-BEING A XABA

UNOMTHANDAZO “Tee” Xaba othweswe iziqu ze-Bachelor of Arts in Drama, Performance and English Studies. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

AKHONA DLAMINI

UMSAKAZI we-East Coast Radio ophinde abe ingxenye yohlelo i-Being a Xaba, uNomthandazo “Tee” Xaba oneminyaka engama-28 ubudala uthweswe iziqu zeBachelor of Arts in Drama, Performance and English Studies eNyuvesi yaKwaZulu Natal (UKZN).

Le ntokazi engeyokuzalwa eThekwini iphinde ibe indodakazi kaMbhishobi VJ Xaba , ichaze impilo yayo njengohambo olude futhi olunzima kodwa eziqhenyayo ngalo kanye nakho konke ekuzuzile. “Bekungelula neze, bekufanele ngiziphathe kahle, ngihlele isikhathi sami ngendlela njengoba ngiwumuntu omatasa. Kukho konke bengihlezi ngizikhumbuza isizathu esenza ngiqale izifundo zami,” kusho uNomthandazo.

Uphinde waveza ukuthi uke wayeka izifundo zakhe izikhawu ezine, kodwa umama wakhe ubelokhu emgqugquzela ukuthi aqedele lokhu asekuqalile. Udlulise ukubonga okukhulu kumyeni wakhe, umndeni kanye nabangani ngokumeseka.

Ube esekhuthaza abafundi okungenzeka ukuthi bathwele kanzima, ngokungalahli ithemba ngoba indlela eya empumelelweni ayikho lula.