Uncategorised

ITHWESWE IZIQU INDODAKAZI KAMPIYAKHE KWI-ISIBAYA

U-AMINA Jack othweswe iziqu ngezifundo ezithinta ingqondo.ISITHOMBE: SITHUNYELWE

AKHONA DLAMINI

UTHWESWE iziqu owazakhela igama ngesikhathi elingisa, indawo yendodakazi encane kaMpiyakhe Zungu kwi-Isibaya.

U-Amina Jack owaduma ngelikaThokozani kwi-Isibaya, uthweswa iziqu zeBachelor of Social Honours kwi-Psychology.
Uthi uhambo lwakhe lwezemfundo belumazombezombe, njengoba lube nezihibe, kufanele ahlele isikhathi sakhe ngendlela, njengoba ebewumuntu omatasa, aphinde abe nezinkinga ezithinta ingqondo.

“Ngesikhathi ngenza unyaka wokuqala ngake ngahamba ubusuku bonke, ngizama ukugcina isikhathi sasesikoleni. Lapho ngangiqopha isizini yokugcina yeSibaya, kwakunzima impela kodwa ngaphumelela,” kusho uJack.

Ube esebonga udokotela wakhe wezengqondo oqhamuka e-UKZN Student Services Provision, owamsingatha ngesikhathi ebhekene nenselelo yengqondo.