USHABALALA NGEKE ESABONAKALA ENKUNDLENI KULE SIZINI

UZOHLINZWA ingalo uMduduzi Shabalala ngemva kokulimala kanzima eLoftus.
ISITHOMBE: Kazier Chiefs
MALIBONGWE MAZIBUKO
UMDLALI wasesiswini eqenjini leKaizer Chiefs, uMduduzi Shabalala, kulindeleke ukuthi ahlinzwe ngemuva kokulimala engalweni emdlalweni weBetway Premiership phakathi kweChiefs neMamelodi Sundowns ngoLwesithathu ebusuku ePitoli.
UShabalala ukhishwe enkundleni ngohlaka ngemuva kokudlaliswa kabi nguJayden Adams ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala.
Uphuthunyiswe esibhedlela lapho ukuhlolwa kuveze khona ukuthi uphuke ithambo lengalo yangakwesokudla i-humerus, eliphakathi kwehlombe nendololwane. Okwamanje usagcinwe ngaphansi kwesadla sodokotela ngaphambi kokuhlinzwa.
Kubikwa ukuthi uzophola phakathi kwamasonto amahlanu kuya kwayisithupha, okusho ukuthi ngeke aphinde abonakale kule sizini njengoba sekusele imidlalo emithathu kuphela.
IKaizer Chiefs idlulise amazwi okufisela lo mdlali osemncane impumelelo ekuhlinzweni kanye nokululama ngokushesha.
Amakhosi azobuyela enkundleni ngeSonto ngo-17:30 ebusuku lapho ezobhekana khona neSekhukhune United ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane emdlalweni weBetway Premiership. IChiefs izobe ibheke ukubuyela endleleni yokunqoba ngemuva kokuhlulwa yiSiwelele FC nokudlala ngokulingana neSundowns emidlalweni emibili edlule.
