UMUNYU KUTHWESWA IZIQU ONGASEKHO EMHLABENI

UZINHLE Mchunu owabulawa ngesihluku iloyo owayeyisoka lakhe. ISITHOMBE:FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
KUVUKE umunyu KwiNyuvesi yaKwaZulu Natal, ngesikhathi ikhipha iziqu zikaZinhle Mchunu (23), owabulawa ngesihluku isoka lakhe elalineminyaka engama-22 ubudala, nyakenye.
UZinhle walahleka zingama-22 kuLwezi 2025, esuka kwizindlu okuhlala kuzona abafundi, wayovakashela isoka lakhe elalihlala eMlazi.
Kwabonakala ukuthi cha ulahlekile, abakubo namaphoyisa bemfuna, isoka lakhe labe selizivumela lona ukuthi baxabana lase liyambulala, laphinde layokhomba lapho elalimngcwabe khona egcekeni lendlu elalihlala kuyona ngepotimende.
INyuvesi iveze ukuthi wabulawa eseqedile ukubhala izivivinyo, yingakho benika abomndeni iziqu zakhe zobuthishela.
