KUZOKUCINYWA UGESI EBAQULUSINI KUSASA

UMASIPALA waBaQulusi wazisa amalunga omphakathi ngokunqanyulwa kukagesi kusasa. ISITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
UMASIPALA waBaQulusi oholwa iMeya uCllr Sifiso Mkhwanazi, wazisa amalunga omphakathi ngokunqamuka/ ukucinywa kukagesi okuhleliwe ilo Masipala kusasa, ngoLwesine mhla zingama-21, ngenxa yokulungiswa kweBhekuzulu Substation.
“UMasipala uthole imibiko kusonkontileka mayelana nomsindo ongajwayelekile kulesi siteshi. Ngokulandela imigomo yokuphepha sizobheka ukuthi ngabe lo msindo udalwa yini. Sizobheka amabhuleki, amafutha kanye nokunye okuningi, ukugwema umonakalo okanye ukuqhuma okungenzeka kulesiteshi,” kusho uMasipala kwisitatimende.
UKUNQANYULWA/ UKUCINYWA KUKAGESI KUHLELWE KANJENA:
Usuku: 21 kuNhlaba 2026, kusasa
Isikhathi: kusukela ngehora lesi-08:00 ekuseni kuze kuba ihora le:16:00 ntambama.
IZINDAWO EZIZOTHINTEKA:
- IBhekuzulu yonke
- Rural East Line
- Amabhizinisi aku-South Street kuya eJaco
- Izindawo eziseduze kwe-Total Garage
UMasipala uyaxolisa ngokuphazamiseka okuzoba khona, futhi uyabonga ukusebenzisana okuhle nokuqonda komphakathi ngalesi simo.
