KUVELE INQWELE UPHAK’LUMTHAKATHI NGOMKHULEKO WABAHLALA EMGWAQENI

UMKHULEKO ohlose ukuhlanganisa izingane ezihlala emgwaqeni nemindeni yazo. ISITHOMBE: SITHUNYELWE
NOMCEBO NGEMA
UBHEKWE ukuthi ube nezithelo ezinhle umkhuleko wokukhulekela izingane ezihlala emgwaqeni, ozoba kusasa eKing Dinuzulu Park, eThekwini libumbene ihora lesi-7:00 ekuseni.
Lo mkhuleko okungokokuqala ngqa wenzeka, uhlelwe inhlangano engenzi nzuzo Insizwa Nobunsizwa Foundation, ngenhloso yokuhlanganisa izingane nemindeni yazo.
Umsunguli nomholi wale nhlangano uPhakelumthakathi ogama lakhe langempela kunguNkosikhona Ndabandaba, uthi lezi zingane ezihlala emgwaqeni ziwumphumela wokudliwa kweWhoonga nokuhlukumezeka. Uqhube wathi lo mkhuleko uvulelekile kunoma ngubani ongakwazi ukufinyelela ikakhulukazi abazali abanezingane ezihlala emgwaqeni. Abazoba ingxenye yalomkhuleko kubalwa umholi nomsunguli we-March And March uJacinta Ngobese-Zuma, uNgizwe Mchunu, uMlungisi KaManciza, uDkt Dlamini (Mzimbokhalimali) kanye nabanye abaningi.
