UMKHWANAZI WETHULE UHLELO LOKWAKHIWA KOMGWAQO KWASEYANA

IMEYA uCllr Mkhwanazi ekhuluma namalunga omphakathi ngezinhlelo zomgwaqo ozokwakhiwa.

INGXENYE yamalunga omphakathi obuzozwa ngohlelo lokwakhelwa umgwaqo. IZITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
SEKUZOBA umlando ukuhamba endleleni yesizulu kumalunga omphakathi aku-ward 2, kwaSeyana eVryheid, njengoba uzokwakhelwa umgwaqo okokuqala ngqa.
Lezi zindaba zivezwe iMeya kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi izolo, njengoba ebenomhlangano nomphakathi.
IMeya ithi inhloso yalomhlangano bekungukuchazela umphakathi ngomgwaqo osuqaliwe ukwakhiwa ozohlanganisa indawo yaseSigangeni noSeyane.
“Lo mgwaqo ngeza ngazowethula kanye noSonkontileka ozowakha ezinyangeni ezimbili ezedlule, umphakathi wawumukela ngo-elethu.
Isizathu sokuthi kuqalwe kwakhiwe lo mgwaqo ongekho nhlobo, yingoba lo mphakathi wakwaSeyane uhlupheke kakhulu wona njengoba kungahambeki futhi kungafinyeleleki emakhaya kalula, kanti lona waSesigodini umgwaqo wabo udinga nje ukulungiswa. Indawo yaseSigodini izoba ngeyokuqala ukunikezwa iYellow plant lena ezothengwa kuhlahlomali lonyaka ka-2026/27 oluzoqala ngoNtulikazi kulonyaka (2026), ukuze belungiselwe umgwaqo, ube uqhubeka wakhiwa lo wakwaSeyana,” kusho iMeya uMkhwanazi.
IMeya uMkhwanazi iphinde yakhuthaza amalunga omphakathi ukuthi abhalisele ukuvota ukuze kuzonyuka isabelo mali sikaMasipala waBaQulusi esivela kuHulumeni omkhulu, ukusiza ukufeza izidingo zomphakathi.
IMeya ibihamba namalunga esigungu esiphezulu esilawula uMasipala waBaQulusi (EXCO), iKhansela le-ward uCllr K.Z Mbatha kanye noMqondisi wakwa-Technical Services uMnuz Nathi Mbongwa.
