Uncategorised

IMALAWI NEZINHLELO ZOKUBUYISA IZAKHAMUZI ZAYO EZIKULELI

UHULUMENI waseMalawi uhlela ukubuyisa izakhamuzi zayo ezikuleli. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

UHULUMENI waseMalawi wethule uhlelo lokubuyisa izakhamuzi zaseMalawi ezikuleli ezithandayo ukubuyela emakhaya, kulandela imibhikisho ethe chithi saka enxenxa abokufika abakuleli ngokungemthetho ukuthi baphindele emazweni abo, nosekubekwe umnqamulajuqu wokuthi kushaye umhla zingama-30 kulenyanga sebehambile bonke, abangenawo amaphepha abagunyaza ukuba kuleli.

IGhana yaba ngeyokuqala eyakhipha indiza ukuthi ilande izakhamuzi zayo esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport, eGoli. UMnyango wezoBudlelwano naMazwe ngaMazwe eMalawi, uthi lolu hlelo luhlelelwe izakhamuzi ezicele usizo lokubuyela ekhaya ngenxa yokukhathazeka ngokuphepha kwazo kuleli.

Le mibhikisho enokuthula enxenxa abokufika abakuleli ngokungemthetho ukuthi babuyele emazweni abo isabalele kakhulu KwaZulu-Natal, iseGoli, nasePitoli. Abahleli balamamashi bakubeka kucace ukuthi abanayo inkinga nabantu bakwamanye amazwe kodwa ababe kuleli ngokusemthethweni.