Uncategorised

IPHOYISA LIDUBULE UMNDENI WAKUBOKA NTOMBI YALO

IPHOYISA lidubule umndeni wakuboka ntombi eHennenman, eFree State. ISITHOMBE: Facebook

NOMCEBO NGEMA 

INDIDA iphoyisa lidubula libulala amalunga omndeni amathathu akubo kwentombi yalo izolo ngezithuba zasekuseni  eHennenman, eFree State. 

Leli phoyisa lineminyaka engama-47 ubudala, belisebenzela eHennenman Police Station, liyi-Rural Safety Coordinator. 

Ngokusho kwamaphoyisa, athi leli phoyisa belisebenza ngoMgqibelo, ngesikhathi seliqedile ukusebenza ngezithuba zabo 00:30 kuya, ku-12:30 ekuseni ngeSonto lihambile layobheka intombi yalo. “Ngesikhathi liyobheka intombi yalo lidlule lathatha umalume walo ukuthi aliphelezele bayobheka intombi yalo. Baye komunye umcimbi womndeni obuseWhittes Plot eduze kwaseHennenman. Kuthe uma lithola ukuthi intombi yalo ayikho, kwaqala lavukwa ulaka. Kusolwa ukuthi iphoyisa likhiphe isibhamu ladubula abantu abahlanu. 

Abashonele endaweni yesigameko kube umama wentombi, umalume wentombi  nowesifazane oneminyaka engama-25 ubudala, kwathi ababili balimala kanzima baphuthunyiswa esibhedlela. Leli phoyisa libe seliphendula isibhamu lisibhekisa ngakulona lazidubula,” kusho isitatimende samaphoyisa. 

I-Independent Police Investigative Directorate (IPID) iyaphenya.