Uncategorised

KUXWAYISWA IZAKHAMUZI NGEBHUBESI ELIZULAZULAYO ENYAKATHO YESIFUNDAZWE

IBHUBESI libonakale lizulazula endaweni ejwayele ukusetshenziswa ngabantu, phakathi kwaNongoma noPhongolo. ISITHOMBE: GOOGLE

AKHONA DLAMINI

IZAKHAMUZI zasenyakatho esifundazweni saKwaZulu-Natal, zixwayiswa ngokuthi zihlale ziqaphile ngemuva kokubonakala kwebhubesi lizulazula eduze komgwaqo u-R66 phakathi kwakaNongoma noPhongolo ngeSonto ebusuku.

Okhulumela i-Ezemvelo KZN Wildlife, u-Ayanda Dube, ukuqinisekisile ukuthi kunebhubesi elibonakale lizulazula endaweni ejwayele ukusetshenziswa ngabantu.
“Kuyiqiniso impela ukuthi kunebhubesi elingaphandle, sisola ukuthi kungenzeka liphunyuke eMkhuze Falls Private Game Reserve. Sicela amalunga omphakathi abike ngokushesha uma ebona noma yiluphi uhlobo lwezilwane zasendle, babike esiteshini samaphoyisa esiseduze,” kusho uDube.

Uphinde wagcizelela ukuthi abantu bangazami ukuzibambela mathupha izilwane eziphunyukile.

Khonamanjalo, iMpumalanga Tourism and Parks Agency (MTPA) iqinisekise ukuthi ibhubesi lesibili ebeliphunyukile ngaphandle kwaseMbombela selibanjiwe. Leli bhubesi litholakale eBarberton Valley ngemuva komsebenzi onzima wokulilandela nokulibamba.

Okhulumela iMTPA, uSimphiwe Shungube udlulise ukubonga kubo bonke abantu ababambe iqhaza kulo msebenzi obunzima wokubamba ibhubesi.
“Ngithanda ukubonga kubo bonke abafake isandla kulo msebenzi onzima kangaka. Kusiphoqile ukuthi sisebenzise amadroni kanye nezindiza ezinophephela emhlane ukubamba leli bhubesi,” esho.